Visitar URL original
Isifayelo - Wikipedia
Jump to content

Isifayelo

Kubuya ku Wikipedia
Isiqephu sesifayeli sidlalwa ngomakhalipha

Isifayelo siwuhlelo olwenziwa lutholakale ngohlobo lwezezibhangqiwe ukuze luthululwe kuxhakaxholo.[1] Ngokwesibonelo, uchunge lweziqephu zamahele enzwakalo yezezibhangqiwe, lungathululwa umsebenzisi awafake esiklamweni sakhe siqu ukuze awalalele ngesinye isikhathi. Izifayelo ngokuyinhloko ziyizinsizakusakaza zenzwakalo, kodwa ezinye ziyimibukiso, kungaba yisiqikili esiyinhloko noma isijobelelo senzwakalo; zibe yisibunge eminyakeni yamuva ngosizo lwenkundla -I-YouTube.

uMsukagama

[hlela | Hlela umthombo]

Igama elithi isifayelo livela esenzweni -faya (fayela), esisho ukusakaza, kungaba ukufaya imbewu noma ukufaya izindaba ngomsakazo. Indlela iziqephu ezifaywa ngayo, yenza kufanele ukuba kuthiwe isifayelo, kungathiwa umsakazo.

Amaphatho

[hlela | Hlela umthombo]
  1. ↑ "Podcast". Podcast. https://dictionary.cambridge.org/dictionary/english/podcast. Retrieved April 21, 2022.